Izinqubomgomo zobandlululo nezamakholoni zakha ngabomu izimo lapho ubuliminingi bezwe babungabhekelwa phansi kuphela kodwa babucindezelwa ngezinga eliphezulu kakhulu. Loku kwaholela kukungalingani lapho IsiNgisi kanye nesiBhunu zazinikezwe isikhundla sokuba semthethweni futhi zaziqhubekiswa zithuthukiswa ngokuhleliwe kube kulinyazwa izilimi zomdabu zezwe.
Uhlaka Lwenqubomgomo Yesifundazwe sase-Gauteng iye yathuthukiswa njengomphumela oqondile yempoqo Yomthethosisekelo waseRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika, ka-1996 kanye Nohlaka Lwenqubomgomo Lolimi Lukazwelonke (oluvunywe lwakhishwa ngoMashi ka-2003) olunikeza umphumela kumalungelo omthethosisekelo ngokuphathelene nokusetshenziswa nokuthuthukiswa kolimi. Uhlaka Lwenqubomgomo Lolimi Lukazwelonke ludinga ukuthi zonke izifundazwe ukuthi zakhe olwazi izinqubomgomo ngokuhambisana nalo.
Uhlaka Lwenqubomgomo Lwesifunda sase-Gauteng lungumkhiqizo wokuxhumana nabahlanganyeli abahlukile kumazinga endawo, esifundazwe nakazwelonke. Laba bahlanganyeli bafaka Isikhungo Sezilimi Sikazwelonke soMnyango Wezamaciko Namasiko, Uhulumeni Wesifundazwe sase-Gauteng (i-GPG) iminyango nokugcizelelwa okukhulu Kumnyango Wezemfundo wase-Gauteng, Ibhodi Lezilimi zaseNingingizimu Afrika, Ikomiti Lolimi Lesifunda saseGauteng, omasipalati, Isikhungo Sebandla Elikhipha Umthetho, izingcweti/abasebenza ngezilimi. Le nqubo yokuxhumana yayenziwe nguMnyango Wezemidlalo, Ezokungcebeleka, Ezobuciko Namasiko usizwa ngamaciko ahlukile kumikhakha yezilimi.
Lesi sehlakalo, sihambisana nomnako ohlakaniphile (futhi onozwelo olukhulu kwesinye isikhathi) ngaphakathi kwabasebenza ngolimi kanye nabazabalazi, kunikeza inselele ejabulisayo Kuhlaka Lolimi Lwenqubomgomo lwase-Gauteng, olufuna kuqala ukunikeza imihlahlandlela ebanzi yokusebenzisa uhlelo lobuliminingi obusebenzayo.
Luphinda futhi lunake imiphumela esemqoka/emikhulu yohlolo lukazwelonke lwenhlalonhle nezilimi olwagunyazwa Yibhodi Lezilimi laseNingizimu Afrika ngo-2001 lapho isampula elingenzeka elibekelelwe labaseNingizimu Afrika abaneminyaka eyi-16 ubudala kanye nabangaphezulu ababecashunwe kuzo zonke izingxenye zezenhlalonhle kusendlalelo sezindawo zombili zasemaphandleni nasemadolobheni. Imikhakha eyayigcizelelwa kwakuwulimi lwasekhaya kanye nokusetshenziswa kolimi kumikhakha yangasese nengekho mthethweni, kuzimo zomphakathi nezezikhungo, ulimi lokusebenza kanye nokufundisa, izimo okubhekwa ngazo inqubomgomo yolimi, kanye nokukwazi ukunqamunda ulimi kanye nobuliminingi.
Umthethosisekelo ubona imfundo ngengelilodwa lwamapulatifomu asemqoka okuqhubekisa nokuthuthukisa ukusetshenziswa kolimi. Uhlaka Lwenqubomgomo Yolimi Yesifunda sase-Gauteng nalo lunaka impoqo Yomthetho Wezikole waseNingizimu Afrika ka-1996 ngokuphathelene nokusetshenziswa kolimi ezikoleni nokuthi Inqubomgomo Yolimi Emfundweni ihlobana kanjani nendawo yemfundo.
Inhloso Yohlaka Lwenqubomgomo Yolimi yase-Gauteng ukukhulisa kanye nokuqhubekisa nokuthuthukisa izilimi zomdabu e-Gauteng ezazibandlululiwe esikhathini esedlule.
Isigaba- 29 sithi noma ngubani unelungelo lokuthola imfundo ngo (ezi)limi Olu(ezi)semthethweni abalu(zi)khethayo kuzikhungo zomphakathi lapho imfundo ikwazi ukwenzeka.
Umthetho we-PANSALB, ka-1995 njengoba uguquliwe, kanye nezinto ezinye unikeza ukukhumbula, ukusetshenziswa kanye nokuqhubekisa ubuliminingi, kanye nokuthuthukiswa izilimi zomdabu ezazibandlululiwe esikhathini esedlule. Iphinda futhi iphakamise ukumiswa kwamakomiti olimi esifundazwe okumele aqhubekise ubuliminingi ezweni.
Uhulumeni Wesifundazwe wase-Gauteng ngokusebenzisa Umnyango Wezemidlalo, Ezokungcebeleka. Ezamaciko namasiko usuyimisile Ikomiti Yolimi Yesifunda sase-Gauteng.
Nanoma Umthetho Wezikole waseNingizimu Afrika (i-SASA) ikunqubo yokuba iguqulwe ezindaweni ezithile noma kunjalo kodwa inikeza okwamanje uNgqongqoshe Wezemfundo, ngokuhambisana noMthethosisekelo kanye nangemuva kokubonisana ne Bandla LoNgqongqoshe imthetho namazinga enqubomgomo yolimi ezikoleni zomphakathi. Uphinda futhi ucacise ukuthi ibandla eliphethe isikole lesikole somphakathi lingakwazi ukubonisa inqubiomgomo yolimi ngokulandela Umtyhethosisekelo, lo Mthetho (i-SASA) kanye neminye imithetho yesifundazwe ethintekayo.
Izinjongo Zomthetho Wokuthuthukisa Ukufinyelela Ulwazi kumele unikeze ukusebenza kwelungelo lomthethosisekelo lokufinyelela noma yiluphi ulwazi oluphethwe Ngumbuso, amabandla azimele noma abantu kubhekwe imikhawulo echazekayo. Njengoba ukufinyelela kungasho kuphela ukuthola ulwazi ngokoqobo kodwa kumele, ngokufinyelekayo, kube ngolimi olukhethwe ngofake isicelo.
Njengoba isheduli ye-4 Yomthethosisekelo ithi ulimi umkhakha osebenzayo wokwazi ukwenza kanye nokwenzeka njalo kusifundazwe, Uhlaka Lwenqubomgomo Yolimi Kazwelonke sithi zonke izikhungo zikahulumeni (kuhulumeni wendawo, wesifundazwe nokazwelonke) kanye nezinye izikhungo ezisebenzisa amandla omphakathi noma ezenza umsebenzi womphakathi zibophezelwa Wuhlaka Lwenqubomgomo.
Ukuqhubekisa ubuliminingi izifundazwe kulindeleke ukuba zakhe ezazo izinhlaka zenqubomgomo yolimi ezihambisana Nohlaka Lwenqubomgomo Yolimi uma kubhekwa izimo zesifundazwe, izidingo kanye nokukhethwa yimiphakathi yabo. Le nqubo izokwehliselwa kohulumeni bendawo abazokwakha izinqubomgomo zabo zolimi ngokuhambisana Nohlaka Lwenqubomgomo Yesifundazwe.
Uhulumeni naye uyagqugquzelwa, lapho kunesidingo, ukuthi eseke isigaba esizimele ukuthuthukisa nokusebenzisa izinqubomgomo zabo zolimi ngokulandela lolu Hlaka Lenqubomgomo.
Inqubomgomo Yokusebenza Kolimi Emfundweni yinqubomgomo yolimi kazwelonke esebenza endaweni yemfundo. Inhloso esemqoka ukuhambisa ukuxhumana ngokuphambanisa izivimbo zombala, amasiko, ulimi kanye nenkolo kube kuthi ngaleso sikhathi esifanayo sokwakha indawo lapho ukuhlonipha izilimi ngaphandle kolimi lwaloyo muntu kugqugquzelwa.
Ukuxhumana ngezomlomo ngazo zonke izilimi eziyi-11 ezisemthethweni zikazwelonke kuzohlonishwa kuphinde kugqugquzelwe.
Njengengxenye yezimiso zayo, Inqubomgomo Yokusebenza Kolimi Emfundweni iphakamisa ukuthi bonke abafundi kumele bafundiswe okungenani ulimi lomdabu olulodwa, yonke imikhakha yolimi izakunikezwa isikhathi kanye nemithombo efanayo, futhi neziphathimandla eziwethulayo ezingeni lesifundazwe zizawuthola inqubomgomo ngezidingo zokuqhubekisa ngokuphathelene nezilimi njengezifundo, ngokuhambisana nemithetho kazwelonke.
Ububanzi bokusetshenziswa Kohlaka Lwenqubomgomo buzakwengamela iminyango ye-GPG, Ibandla Lomthetho lase-Gauteng, omasipala abanaka ukusebenzisa kwabo ulimi lwesifundazwe kanye nokhetho, kanye nezikhungo ngaphakathi Kwesifundazwe esisebenzisa amandla okwenza nokusebenza komphakathi. Amabhizinisi angazimele kanye namabandla angewona akahulumeni nawo azokugqugquzelwa ukuthi athuthukise ezawo izinqubomgomo ngokuhambisana nalolu Hlaka Lwenqubomgomo.
Amanani angenhla abonisa ukuthi isiZulu wulimi lwasekhaya olukhulunywa ngabantu abangaphezu kwama-20% ezakhamuzi kumazinga omabili esifunda nakazwelonke. Kusemqoka futhi ukuqaphela ukuthi noma IsiNgisi sisetshenziswa kakhulu njengolimi lwezokuthengisa nesayensi, kodwa sisesikhundleni sesine nesesithupha kusifundazwe nakuzwelonke ngokuhambisana. Loku kuqhubeka kubonise ukuthi akukho limi lwasekhaya olunamandla kakhulu okuthelela esifundazwe kodwa isimo sobuliminingi lapho izilimi ezinhlanu eziphezulu zikhulunywa ngabantu abangaphezu kwamaphesenti ayi-10 ezakhamuzi ulimi ngalunye, okuthi uma kuhlanganiswa, kubalelwe kokungaphezu kwama-70% ezakhamuzi zesifundazwe.
Ukusetshenziswa Kohlaka Lwenqubomgomo Yolimi kumele inikeze okuthile mayelana nomnako kanye nokulumelayo ngokuphathelene nokwehluka okungenhla. Kucatshangwa ukuthi ezinye izilimi ezingajabuleli ukubamqoka kwezibalo ezingeni lesifundazwe, futhi lizothola ukunaka okukhona kuhulumeni wendawo kanye nemisebenzi yesifundazwe esetshenziswa ezingeni lendawo.
Ngo-2003 the Umnyango Wezemidlalo, Ezokungcebeleka, Ezobuciko Namasiko wagunyaza uhlolo locwaningo ngokuphathelene nolimi nokuxhumana weminyango ye-GPG. Inhloso yalolu cwaningo kwakuwukuthola ikakhulukazi izidingo zolimi (kufakwa nemithombo) kanye nokhetho lokuphatha, abasebenzi kanye nezinsiza zamaklayenti esifundazwe.
Ekuxhumaneni nomphakathi ngokuphathelene namaphuzu okwethula izinsiza (izinsiza zomugqa ophambili), ucwaningo lunikeza isithombe okuthi abaseebnzi abaningi baxhumana namaklayenti kakhulu ngolulodwa lwezilimi zomdabu kunesiNgisi nesiBhunu kanti nabasebenzisi abaningi bezinsiza zikahulumeni basebenzisa ikakhulukazi izilimi zomdabu. Esibhedlela sesifundazwe, njengesibonelo, ucwaningo lubonise ukuthi ulimi olusetshenziswa yizisebenzi kwakungama-7,9%, 36,8% kanye-58,5% IsiBhunu, IsiNgisi kanye Nolimi lwase-Afrika ngokuhambisana.
Isithombe siyagyuquka ekuphatheni ngoba ukuphendula kwabasebenzi kwakuwufaka amarekhodi, ukwethulwa kanye nokuxhumana ngezomlomo ngokusemthethweni kuyaqhubeka kwenziwa ngesiNgisi esingasetshenziswa kakhulu ekuxhumaneni okujwayelekile kwabaqashwa.
Ibonisa futhi isidingo esisemqoka sezinsiza zokuhumusha, kanye nobumqoka obusezingeni eliphezulu okumele benziwe ekusetshenzisweni koloimi lwasekhaya. Loku-ke kuzawube kuphathelene nokuxhumana kwezomlomo nangokubhaliwe.
Nanoma kungakaze kwenziwe ucwaningo olusemthethweni, akuyona yonke iminyango ehumushele ezilimini zomdabu ezinye imibhalo yayo yamasu okusebenza ngemfanelo. Nanoma amabhajethi eminyango ehlukile ayimbangela evimbelayo yokwenza ngokusheshayo ukuhunyushwa kwemibhalo yamasu okusebenza, kukhona isenzao esihle sokuhumusha nokutolika le mibhalo ngezilimi zomdabu. Isibonelo esisodwa kuzkuba ukusetshenziswa kwezilimi ezimbili zomdabu ekuhumusheni Ibhajethi Yesifundazwe ka-2005.
Uhulumeni Wesifundazwe sase-Gauteng, njengoba kudingwa nguMthethiosisekelo futhi kuyimbangela yesenzo esiqotho, uzakuhlonipha futhi alandele amalungelo, kufakwa nokusetshenziswa kolimi, lwazo zonke izakhamuzi zalesi sifundazwe sakhe.
Kuze kufinyelele ekukwazini ukwenza wonke umuntu uzakunikezwa ithuba lokusebenzisa ngomlomo nangokubhala ulimi lwakhe noma ulimi alukhethayo ngaphakathi kokuphoqelela koMthethoasisekelo kanye nemithombo ekhona. Njengoba kuchazwe ngumbiko wocwaningo okukhulunywe ngawo ngaphansi kwesihlokwana esiku-8, ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu kushayelwa ihlombe futhi kuyagqugquzelwa ukuthi kuqhutshwe kodwa lapho imiphumela ingaphansi kokulindelekile, izindlela zokwenza ngcono isimo kumele zitholwe bese zisetshenziswa ukuze isimo sisheshe.
Ulimi lwerekhodi elibhaliwe langaphakathi ku-GPG kuzakuba yisiNgisi futhi amakhophi ahunyushiwe azawutholakala ngokucelwa ngezinye izilimi ne-Braille lapho kuphumeleleka khona ngokwenzakalalyo. Lapho kubonwa ukuthi kufanelekile futhi kusemqoka, imibhalo ethile izakuhunyushelwa kunoma yiliphi inani lezilimi ezisemthethweni eziyishumi futhi zinikezwe abantu ngaphandle kokumela izicelo. Isishayamthetho sase-Gauteng sizokuqhubeka sikhiphe amarekhodi okuphikisana okungenani ngezilimi ezine ezisemthethweni.
IsiNgisi sizokusetshenziswa naso njengendlela yokuxhumana ngaphakathi komnyano kanye nangaphakathi kohulumeni.
Ulimi lokuxhumana ngaphakathi nangaphandle luzakuhlahlwa wubuliminingi obusebenzayo lapho ukhetho lwezilimi luzokuthelelwa yinhloso, ingqikithi, ukuba khona kwemithombo kanye nezithameli okuqondiswe kuzo. Ukusetshenziswa kolimi kuzinsiza ezingaphambili ezifana nezibhedlela zomphakathi, iziteshi zamaphoyisa, izikhungo zezinsiza zomphakathi, amahhovisi ezindlu kanye Nesishayamthetho sase-Gauteng kumele kuxhaswe ngokunikezwa kwamafomu ezinsiza okungenani ngezilimi zomdabu ezingaphezu kolulodwa noma lapho kudingeka khona ngazo zonke izilimi ezisemthethweni eziyishumi nanye. Kumele kugcizelelwe futhi ukuthi ukuba khona kwemithombo kungeyodwa yokutholakalayo.
Emfundweni, Uhlaka Lwenqubomgomo Yolimi Yesifundazwe sase-Gauteng ibona ulimi lokuxhumana nokufundisa ezikoleni njengolusekelwe yi-SASA kanye Nenqubomgomo Yolimi Olusetshenziswa Emfundweni.
Inqubomgomo Yokusetshenziswa Emfundeni ezingeni lesifundazwe kumele ibhekwe njengengxenye Yohlaka Lwenqubomgomo Yolimi yase-Gauteng ukuze kuthuthukiswe ulimi emfundweni.
Ukuxhumana ezingeni lamazwe ngamazwe Kuhulumeni Wesifundazwe sase-Gauteng kuzokwenziwa ngokujwayelekile ngesiNgisi noma ngokukhethiwe ngolimi lezwe elithintekayo lapho kuphumeleleka khona.
Ngonyaka nonyaka iforamu yokuxhumana ye-GPG izakuthi ngaphakathi kwezinhlolo zayo, ifake ukuhlola nokuhlolwa kwezinhlelo zokuthuthukisa nokuqhubekisa ulimi ezikhethwe yiminyango ye-GPG. Imiphumela yaloko -ke izokuveza ukuthi kumele kwenziweni kanye nezinga laloku kuqalisa komsebenzi kuzokweyama kumithombo ekhona.
Njengengxenye yemisebenzi yayo Ikomiti Yolimi Yesifundazwe sase-Gauteng izakweluleka i-GPG ngezindaba namaphrojekthi azosiza ekuthuthukisweni nasekuqhubeleni phambili izilimi ikakhulukazi izilimi ezazibandlululwa esikhathini esedlule.
Kumele kushiwo ukuthi izinga ukuqhubekiswa nokuthuthukiswa kolimi okwenzeka ngalo kuzokweyama kubhajethi enikeziwe kanye nemithombo ekhona.
Ukumiswa kwezakhiwo ezengeziwe kanye nezimfuno zokufinyelela ulwazi lomphakathi ngolimi olukhethwe ngamalungu omphakathi, kanye nokusetshenziswa kwezilimi zabo kuzokuba nomthelela ekuthuthukiseni abasebenzi ngaphakathi kwezakhiwo zeminyango jikelele ye-GPG.
Esikhathini eside abaqashwa kanye nabameleli bomphakathi kumaqembu e-GPG kumele bakwazi ukukhuluma ezinye noma ezingi zezilimi ezisemthethweni ukuze bakwazi ukwethula izinsiza ngempumelelo nangokufanele.
Ngakho-ke loku kuthuthukiswa kudinga ukuthi iminyango kumele izilungisele ukuqeqesha iphinde ithuthukise abasebenzi baphambili ekuxhumaneni nomphakathi ngokuhambisana nezimiso ze-Batho Pele.
Ngemisamo yokuvumelana ngokuthuthukisa izilimi zomdabu kanye nezimo zabantu ezweni , kuzawuba yimpoqo, eminyakeni emihlanu, ukubuyekeza uhlaka lwenqubomgomo ukubona ukufanela kwalo ngokuyingxenye noma ngokuphelele.
